KUQHUME umkikizo emahhovisi akwaSassa kugcwele phama abantu bezolungisa amakhadi abo ngekanti amaphoyisa ephuma nabasebenzi abathathu begaxwe ozankosi bezama ukuzifihla ubuso.
Laba basebenzi bonke basebenzela igatsha lakwaSassa elisemgwaqweni uDe Villiers enkabeni yedolobha eGoli bamataniswa nemali engaphezulu kuka-R260-million eyebiwa ngabahlomula ngamakhadi ezipoki.
Ukuboshwa kwalaba kuyingxenye yomsebenzi wamaphoyisa wokuthingatha bonke abamataniswa nale nkohlakalo kanti kuthiwa kukhona abanye abasazingelwa ngalo lolu daba.