Cape Argus

Isexwayiso ngemvula enamandla engadala umonakalo eThekwini namaphethelo

Nonkululeko Nhlapo|Published

Zilokhu zingenile izexwayiso ngemvula enamandla ezingxenyeni ezahlukene zeKZN

Image: ALS Paramedics

KUNXUSWA izakhamuzi zaKwaZulu-Natal ukuba baqaphele kwazise izangoma zikhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esisesigabeni sesithupha esikhomba imvula enamandla ehambisana nokuduma ezindaweni ezahlukeni.

Lesi sexwayiso silandela esangoLwesine esibike okufanayo nokubonakale kwenzeka ezindaweni ezahlukene ikakhulukazi entshonalanga yeTheku lapho bekuvaleke imigwaqo eyahlukene eKloof nasePhayindane ngenxa yokugcwala kwamanzi.

Kubikwa nokushona kowesifazane oyedwa olimale washona imoto yakhe iguguleka imuka namanzi emfuleni uMbilo.

AbeMobiClaw911 okuyinkampani yezimo eziphuthumayo bathi babikelwe yizakhamuzi ezihlala engasemgwaqweni -Nelson Road bebona imoto igudla emzini yabo iphushwa amanzi. Bafike behambisana nabe-IPSS Search & Rescue, umnyango wezezicishamlilo kumasipala weTheku kanjalo nabe-ER24 banikele kule ndawo bathungatha le moto egcine itholakale ngasebhulohweni laseStapleton ngezithuba zabo-01:00 ezintatha.

Ngeshwa baqinisekisile ukuthi bekunowesifazane emotweni obeseshonile.

Kubikwa nokushona kowesifazane oyedwa olimale washona imoto yakhe iguguleka imuka namanzi emfuleni uMbilo.

Image: ALS Paramedics

UMphathiswa emnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba Zomdabu esifundazweni uMfuThulasizwe Buthelezi usenxuse izakhamuzi ukuthi zihlale ziqaphile, njengoba isexwayiso sezulu sika-Level 6 sisasebenza kuMasipala weTheku, kanye nezingxenye zesiFunda Ugu, iLembe, kanye noMgungundlovu.

"Sinxusa zonke izakhamizi ukuthi zilalele izixwayiso zesimo sezulu futhi ziqaphele kakhulu. Lezi zimo zibeka engcupheni impilo yabantu nemfuyo," kugcizelela uNgqongqoshe uButhelezi.

Amathimba alawula izinhlekelele azoqhubeka nokuqapha yonke imizila emikhulu nezindawo ezijwayele ukuba nezigameko ezihlobene nezinhlekelele.

 

Isexwayiso ngemvula enamandla engadala umonakalo eThekwini namaphethelo