AMAPHOYISA asekhiphe umehlokaboni kaR60 000 kozodedela ulwazi oluzohole ekuboshweni kwabasolwa ababili ababulala abantu abayisithupha eMlaza.
Ngo-Agasti 17 2024, abagilwa okungu-Innocent Mazeka (25), Khaliphile Ntombela (37), Yamukela Mzekeli (29), Mlungisi Langa (40), Sinqobile Ngcobo (30) noDumisani Mgoza (39) babehleli ngemuva kwehostela iTehuis ngesikhathi kufika abasolwa ababili becela ugwayi.
"Abasolwa bahamba, baphinde babuya futhi ngemuva kwemizuzu embalwa sebeyalela abagilwa ukuthi balale phansi ngaphambi kokuba babadubule bonke," kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Bafa bonke abagilwa kwasinda abesimame abathathu abangazange balimale. Abasolwa abaziwa futhi abachazeki kahle ngoba isehlo senzeka ebusuku, yonke imininingwane esemaphoyiseni ayitheli izithelo ezinhle.
Amaphoyisa anxusa noma wubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni nasekugwetshweni kwabasolwa ukuba axhumane noDetective Sergeant Jila ku-079 696 3685 noma ashayele iCrime Stop ku-0860010111.
Amaphoyisa akhiphe umehlokaboni ngethemba lokubamba abasolwa ababili ababulala abantu abayisithupha eMlaza.
Image: Itumeleng English/Independent Newspapers