EZEMFUNDO, ezempilo nokuthuthukiswa kwengqalasizinda beziseqhulwini kwisabelomali esethulwe izolo nguNgqongqoshe weziMali uMnuz Enoch Godongwana, ePhalamende eKapa.
UGodongwana umemezele ukuthi isabelomali kulindeleke ukuthi sikhule sifinyelele ku-R2.83 trillion ngonyaka wezimali u-2027/2028, sisuka ku-R2.4 trillon ngo-2024/2025.
Uveze ukuthi uhulumeni kulo nyaka uzochitha u-R2.59 trillion, kanti ingqalasizinda yabelwe u-R1 trillion eminyakeni emithathu ezayo.
"Ingxenye enkulu yesabelomali ihlinzekelwe iminyango, owezeMfundo, owezeMpilo kanjalo nowezeNhlalakahle okhokha izibonelelo. Izifundazwe zizothola u-R2.4 trillion, kuthi uhulumeni wasekhaya, omasipala bazokwabelwa u-R115.7 billion onyakeni wemali u-2027/2028," kusho uGodongwana.
Udalule ukuthi emalini yengqalasizinda babeke u-R402 billlion, wokuphucula imigwaqo, u-R219.2 billion wengqalasizinda kagesi, u-R156.3 billion wengqalasizinda yamanzi nokuthuthwa kwendle.
"Kwingqalasizinda yamanzi sakha amadamu kanti amanye ayalungiswa ukuze abantu babe namanzi. Sifuna ukunyusa umthamo wamanzi ebantwini baseThekwini, kanjalo nakomasipala abane KwaZulu-Natal."
Kwezemfundo uthe bazofaka u-R9.1 billlion, wokukhokhela othisha ukuze kwehliswe isibalo sabafundi kuthisha oyedwa ekilasini ngalinye.
"Sixhasa nemfundo yamazinga aphansi i-ECD ngokufaka u-R10 billion, wokuxhasa umfundi ngamunyhe ngo-R24 ngosuku. Sizonyusa nesibalo sabenza i-ECD bafinyelele ku-700 000."
Kwezempilo kuzochithwa imali emaholweni abasebenzi njengoba kwengezwe u-R28.9 billion esabelweni, ukuze kungadilizwa abasebenzi ezibhedlela nasemitholampilo.
"Sizobuye siqashe abasebenzi abangu-800 okubalwa odokotela nokuthenga imithi ukuze izibhedlela zingaphelelwa yimithi."
Uthe iPrasa izohlinzekwa ngo-R19.2 billion, ukulungisa ingqalasizinda yayo ukuze zisheshe izitimela ezithutha abagibeli KwaMashu, nakwezinye izindawo.
Omasipala bazogixabezwa ngo-R1.7 billion, ukulwa nenkinga yezinhlekelele njengoba kuyibona abasekhaleni.
Kunomunye u-R4 billion, ozonikwa omasipala ukuthi kulungiswe ingqalasizinda engakalungiswa eyashayeka ngenxa yezinhlekelele.
Isivumelwano samaholo abasebenzi bakahulumeni seminyaka emithathu, sabelwe u-R11 billion. Isivumelwano sizodla u-R7.3 billion, onyakeni wezimali u-2025/2026, kube ngu-R7.8 billion ngo- 2026/27 no-R8.2billion ngo-2027/28.
Related Topics: