Cape Argus

Zinoju kwabathola izibonelelo zikahulumeni

Nonkululeko Nhlapo|Published

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana uveze ukuthi izibonelelo zikahulumeni zabelwe izigidigidi ezingu-R284.7 ngonyakamali ka-2025/26. Kuthiwa bangu28 million abantu bakuleli abathola izibonelelo.

Lokhu kusho ukuthi zizonyuka kanje izibonelelo ngokuhlukana kwazo:

• Izibonelelo zabadala nokukhubazeka R130 kuya ku-R2 315 ngo-April.

• Isibonelelo Sikahulumeni Sezingane R30 kuya ku-R560 ngenyanga.

• Imali yesibonelelo sikahulumeni sezintandane ngama-R70.

I-COVID19 Social Relief of Distress (SRD), ngendlela ekuyo njengamanje, izokwelulwa ngonyaka ukuze ekupheleni kukaMashi 2026. Kubekwe u-R35.2 billion ukubhekelela lesi sibonelelo.

Zinoju kwabahola izibonelelo zikahulumeni

Image: Nokuthula Mbatha/ Independent Newspapers.