Cape Argus

Bavimbele uMalema ehambele eMphithi

African News Agency|Published

Kuphazamisekile ukukhankasela ukhetho kweqembu i-EFF ngeSonto eMgungundlovu ngeSonto ngesikhathi uJulius Malema bengavumi ukuba ahambe ngokukhululeka bemvimba

APHAZAMISE umholi we-EFF uMnuz Julius Malema, esanxenxa amalungu eqembu lakhe ukuba abhalisele ukuvota, amalungu e-ANC.

APHAZAMISE umholi we-EFF uMnuz Julius Malema, esanxenxa amalungu eqembu lakhe ukuba abhalisele ukuvota, amalungu e-ANC.

UMalema ngeSonto uhambele KwaDambuza naseWillowfontein, eMgungundlovu, ngenkathi evinjwa ngabe-ANC ukuthi ahambe ngokukhululeka. Lesi senzo senze uMalema wasola ukuthi ukhetho ngeke lukhululeke uma kungavumelekile ukuthi amanye amaqembu abhalise ngokukhululeka.

Lokhu kwenzeke cishe eziteshini ezintathu zokuvota, lapho amanye amalungu e-ANC ekhiye amasango. Kwesinye isigameko esenzeke KwaDabuza, kuphoqelekile ukuba amalungu e-EFF enze isikokela ukuze avikele uMalema, amkhipha esikhungweni sokuvota. Kuke kwaba kubi, sebejikijelana ngamazwi ayiziswana.

UMalema ugcine esehambile ephelezelwa ngonogada bakhe, baya eWillowfontein. Nakhona wafica isimo esifanayo njengoba abe-ANC bebelokhu belandela uMalema kuleli dolobha. Ufike esikhungweni esiseThandokuhle, eWillowfontein wazithela kumalungu e-ANC emkhiyele isango, athi akabone afike ngayo.

UNobhala Jikelele we-EFF uMnuz Marshal Dlamini, uzamile ukungenelela kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Emuva kwehora kuhiliziswana, kufike amaphoyisa axazulula isimo kwase kwavulwa isikhungo noMalema wakwazi ukusihlola, wabe esehamba.

Umholi we-ANC kule ndawo uMnuz Sibusiso Mkhize, uthe abantu badiniwe yindlela i-EFF ehlukumeze ngayo abantu ithi akuvotelwe umuntu osolisayo endaweni. Lowo ubesoleka ngokungezi izinto ngendlela.

“I-EFF ibiletha abantu abangahlali lapha ukuze bezobhalisa ukungenelela ukhetho. Abantu bethu bazama ukunqanda lokho,” kusho uMkhize.