Cape Argus

Izindlela zokushayela eziphusile ezingenza wonge

Intatheli Yazezimoto|Published

KULINDELEKE ukuthi yenyuke intengo kaphethroli ngesonto elizayo Isithombe: REUTERS

NGESONTO eledlule, kuke kwashoda uphethroli kwamanye amagaraji eKapa, ngemuva kokuphazamiseka kwendawo ohluzwa kuyo eMilnerton.

Isikhulu seMasterDrive, u-Eugene Herbert, sithe yize lokhu sekulungisekile kodwa abantu bakuleli babhekene nokuthi inyuke intengo kaphethroli ngoLwesithathu, ngakho kubalulekile ukuthi bakhunjuzwe izindlela zokonga.

Uthe nazi izinto okumele bazenze:

Amathayi: Hlala njalo uhlola ukuthi umoya osemathayini uyahambisana yini noshiwo yinkampani eyakha imoto. Lokhu kungenza ukuthi wonge uphethroli ngo-3 kuya ku-5%.

Ukunyathela amafutha mawala: Uma unyathela amafutha kahle ushiye isikhala esanele phakathi kwakho nemoto oyilandelayo kusiza ukuthi ungabhreki kungenasidingo uphinde unyathele nokungakusiza ukuthi wonge uphethroli ngo-15%.

RPMs: Ezimotweni ezishintshwayo, ukushintsha amagiya engakafiki ku-3 000rpm kusiza ukuthi wonke kuphethroli.

Ijubane: Uma wehlisa isivinini ngo-20km/h kungasiza ukuthi wonge uphethroli ngo-20%

Ukushayela budlabha: Lokhu kunciphisa ukonga ngo-15 kuya ku-30% kuthelawayeka no-10 kuya ku-40% esiminyaminyeni lapho uma uphinde usuke khona. Yehlisa umoya uma ushayela.

Ukulayisha umthwalo ongenasidingo: Khipha izinto ezingenasidingo emotweni.

Ukudumisa imoto ibe imile: Ukudumisa imoto ume imizuzwana engaphezu kwengu-30 kumosha uphethroli. Ama-sensor alawula indlela izimoto zakamuva ezidla ngayo uphethroli, kwenza singabi khona isidingo sokulokhu uyifudumeza.

Defensive driving: I-defensive driving ihlanganisa ukuthi ulindele izimo zomgwaqo nokusiza ukuthi wonge.